Haleluya! Dumisani nina zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova. Malibongwe igama likaJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama likaJehova malidunyiswe. UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke, inkazimulo yakhe iphezu kwezulu. Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu, ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na? Uyavusa odingayo othulini, aphakamise ompofu ezaleni, ukuze amhlalise nezikhulu, yebo, izikhulu zabantu bakhe. Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!
Funda AmaHubo 113
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 113:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo