AmaHubo 112:1-10

AmaHubo 112:1-10 ZUL59

Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade. Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga. Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga. Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade. Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova. Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi. Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo. Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo