AmaHubo 112:1-10
AmaHubo 112:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe. Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe, ukulunga kwakhe kumi phakade. Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga. Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa. Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade. Akayesabi imibiko emibi, inhliziyo yakhe ayiguquki, yethemba uSimakade. Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa. Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo. Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.
AmaHubo 112:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade. Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga. Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga. Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade. Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova. Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi. Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo. Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.
AmaHubo 112:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova. Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza ngemithetho yakhe. Inzalo yakhe izakuba lamandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. Ingcebo nengcebo kuyakuba sendlini yakhe, nokulunga kwakhe kumi phakade. Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa. Umuntu omuhle uyahawukela, atsheleke; Uzoqhuba izindaba zakhe ngokuxoxa. Impela akayikuzanyazanyiswa kuze kube phakade; olungileyo uyakuba sesikhumbuzini esiphakade. Akayikwesaba imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, thembela kuJehova. Inhliziyo yakhe iqinile, akesabi, aze abone ukulangazelela kwakhe izitha zakhe. Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo. Ababi bayokubona badabuke; agedle amazinyo, ancibilike; isifiso sababi siyabhubha.