AmaHubo 105:16-19

AmaHubo 105:16-19 ZUL59

Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila. Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola.