AmaHubo 105:16-19
AmaHubo 105:16-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila. Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola.
AmaHubo 105:16-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla. Wathumela indoda, yabendulela, uJosefa owathengiswa waba yisigqila, balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaSimakade lamhola.
AmaHubo 105:16-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila. Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola.
AmaHubo 105:16-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngaphezu kwalokho, wabiza indlala phezu kwezwe; waluhlephula lonke udondolo lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo, uJosefa, owathengiswa abe yisigqila. Bazilimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, wafakwa ensimbi. Laze lafika izwi lakhe, izwi likaJehova lamvivinya.