IzAga 9:13-18

IzAga 9:13-18 ZUL59

Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho. Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi: “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo uthi: “Amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa sentukuso singesenamisayo.” Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.

Funda IzAga 9