IzAga 9:13-18
IzAga 9:13-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Owesifazane oyisiwula unomsindo, uyisiwula, akazi lutho. Uhlala ngasemnyango wendlu yakhe, esihlalweni esisendaweni ephakemeyo yomuzi, ukuze ameme abedlula ngendlela, abaqondile emikhondweni yabo, athi: “Ongenalwazi makaphambukele ngapha;” kulowo ongenangqondo, uthi kuye: “Amanzi okwebiwa amnandi, nesinkwa esidlelwa esithe siyenamisa.” Kepha ophambukayo akazi ukuthi kukhona izithunzi lapho, nokuthi izimenywa zakhe zisendleleni eya kwelabafileyo.
IzAga 9:13-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho. Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi: “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo uthi: “Amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa sentukuso singesenamisayo.” Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.
IzAga 9:13-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Owesifazana oyisithutha uyaxokozela; Ngokuba uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni esiqongweni somuzi; Ukubiza abagibeli abahamba ngendlela yabo: Ongenalwazi makaphendukele lapha; futhi lowo ofuna ukuqonda uthi kuye: Amanzi ebiwe amnandi, nesinkwa esidliwa ngasese simnandi. Kodwa kakwazi ukuthi abafileyo bakhona; nokuthi abamenyiweyo bakhe basezinzulwini zesihogo.