IzAga 6:25-32

IzAga 6:25-32 ZUL59

Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe. Ngokuba intengo yowesifazane oyisiphingi iyiqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo. Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na? Umuntu angahamba phezu kwamalahle avuthayo, izinyawo zakhe zingahanguki, na? Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo. Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na? Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe. Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.

Funda IzAga 6

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo