IzAga 6:25-32
IzAga 6:25-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ungabukhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe. Ngokuba owesifazane oyisiphingi ungamkhokhela ngeqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi ophingayo womuntu, uzingela impilo eyigugu yendoda. Umuntu angawubeka yini umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi na? Umuntu angahamba yini phezu kwamalahle avuthayo, izinyawo zakhe zingashi na? Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa. Abamdeleli yini oyisela uma entshontsha ukuze azisuthise lapho elambile na? Uma ebhadanyiwe, bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa, akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe. Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; owenza lokho ubhubhisa impilo yakhe.
IzAga 6:25-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe. Ngokuba intengo yowesifazane oyisiphingi iyiqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo. Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na? Umuntu angahamba phezu kwamalahle avuthayo, izinyawo zakhe zingahanguki, na? Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo. Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na? Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe. Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.
IzAga 6:25-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ungafisi ubuhle bakhe enhliziyweni yakho; futhi angakuthinteli ngezinkophe zakhe. Ngoba ngenxa yesifebe umuntu unikwa ucezu lwesinkwa, futhi umfazi ophingayo uzingela umphefumulo oyigugu. Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe zingashi izingubo zakhe na? Umuntu angahamba phezu kwamalahle ashisayo angashisi izinyawo zakhe na? Nongena nomkamakhelwane wakhe; lowo omthintayo kayikuba msulwa. Abantu abalideleli isela uma lintshontsha ukuze lisuthise umphefumulo walo, uma lilambile; Kodwa uma etholwa, kufanele abuye kasikhombisa; kumelwe anikeze zonke izinto zendlu yakhe. Kepha ophinga nowesifazane akaqondi; owenza lokhu uchitha umphefumulo wakhe.