IZaga 6

6
Izindlela Zobuwula
1 Ndodana yami,
uma ube yisibambiso somakhelwane wakho,
naze naxhawulana nomfokazi;
2usubanjwe ngamazwi akho,
wabhajwa ngenxa yalokho okushilo.
3Ngakho-ke yenza lokhu, ndodana yami,
ukuze uzikhulule,
ngokuba usuphila phansi
kwesandla sikamakhelwane wakho:
khothama phambi kwakhe, umncengisise.
4 Amehlo akho ancishe ubuthongo,
nezinkophe zakho, ukozela.
5 Zisindise njengensephe esandleni somzingeli,
nanjengenyoni esandleni somcuphi.
6 Yana entuthwaneni, vilandini,
ubone izindlela zayo, uhlakaniphe;
7 yona ethi ingenamholi,
nambonisi, nambusi,
8nokho ilungise ehlobo isinkwa sayo,
ibuthe ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.
9Uyakulala kuze kube nini, vilandini?
Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
10 Ngobuthongo nje obuncane,
nokozela nje okuncane,
ukusonga izandla kancane kuze kulalwe;
11 ubuphofu buyokwehlela njengomhambuma,
ukuntula kukuhlasele njengendoda ehlomileyo.
12 Umuntu ongenamsebenzi walutho, umuntu wokona,
uhamba ephafuza inkohliso;
13 ucifa iso,
ashuduze ngezinyawo,
aqhwebe ngeminwe;
14 njalo uceba okubi nenkohliso
enhliziyweni yakhe,
futhi uphehla udweshu.
15 Ngakho-ke uyokwehlelwa yinhlekelele engazelele;
ngokuphazima kweso, uyobhubha angasindi.
16Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade,
yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu
emphefumulweni wakhe:
17 Ngamehlo azidlayo,
ulimi lwamanga,
izandla ezichitha igazi elingenacala;
18 inhliziyo eceba okubi,
izinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;
19 ufakazi ofakaza amanga ophafuza inkohliso,
odala ingxabano kubafowabo.
Izindlela Zokuphinga
20 Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.
21 Yibophele njalo enhliziyweni yakho,
uyithandele entanyeni yakho.
22 Mayikuhole ekuhambeni kwakho,
ikulinde lapho ulele,
ikhulume nawe lapho uvuka.
23 Ngokuba imiyalo iyisibani,
nomthetho ungukukhanya,
nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,
24 ukuze uvikeleke kowesifazane okhohlakeleyo,
nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.
25 Ungabukhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho,
angakubambi ngezinkophe zakhe.
26 Ngokuba owesifazane oyisiphingi ungamkhokhela
ngeqebelengwane lesinkwa,
kepha umfazi ophingayo womuntu,
uzingela impilo eyigugu yendoda.
27Umuntu angawubeka yini
umlilo esifubeni sakhe,
izingubo zakhe zingashi na?
28Umuntu angahamba yini
phezu kwamalahle avuthayo,
izinyawo zakhe zingashi na?
29 Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe:
noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.
30 Abamdeleli yini oyisela uma entshontsha
ukuze azisuthise lapho elambile na?
31 Uma ebhadanyiwe,
bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa,
akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe.
32 Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda;
owenza lokho ubhubhisa impilo yakhe.
33Uyakuthola imivimbo nokuphoxeka,
ukwethukwa kwakhe akuyukwesulwa.
34 Ngokuba isikhwele sivusa ulaka
endodeni yakhe,
uma isiziphindiselela ngeke ibe nasihawu.
35Ayiyukufuna nhlawulo;
ayiyukukwemukela ukufunjathiswa.

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo