IzAga 26:17-28

IzAga 26:17-28 ZUL59

Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakhe unjengobamba inja ngezindlebe zayo. Njengohlanya oluphonsa izikhuni nemicibisholo ebulalayo, unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe, ethi: “Angithi ngintelile nje na?” Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka, nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana. Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni, unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani. Amazwi omncethezi anjengesibiliboco: ayehlela kokuphakathi komuntu. Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi kunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva. Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe, ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe. Lapho enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye, ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe. Noma inzondo yakhe isibekelwa ngenzondo, ububi bakhe buyakwambulwa ebandleni. Omba umgodi uyakuwela kuwo, nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe. Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo, nomlomo othophayo usebenza incithakalo.

Funda IzAga 26