IzAga 13:14-20

IzAga 13:14-20 ZUL59

Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa. Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni. Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula. Isithunywa esibi siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso. Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

Funda IzAga 13