IzAga 13:14-20
IzAga 13:14-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa. Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni. Bonke abahlakaniphileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sisabalalisa ubuwula. Isithunywa esikhohlakele siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siletha ukuphila. Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa, kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa. Isifiso esifezekile siyathokozisa emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kwabayiziwula. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.
IzAga 13:14-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa. Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni. Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula. Isithunywa esibi siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso. Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.
IzAga 13:14-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umthetho wohlakaniphileyo ungumthombo wokuphila, ukuze kusukwe ezingibeni zokufa. Ukuqonda okuhle kunikeza umusa, kepha indlela yabaphambukayo ilukhuni. Bonke abahlakaniphileyo benza ngokwazi, kepha isiwula sivula ubuwula baso. Isithunywa esibi siwela ebubini, kodwa isithunywa esithembekileyo siyimpiliso. Ubumpofu nehlazo kowenqaba ukulaywa, kepha ohlonipha ukusolwa uyakudunyiswa. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kodwa kuyisinengiso kuziwula ukusuka ebubini. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyabhubha.