IZaga 13

13
Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (4)
1 Indodana ehlakaniphile iyayalwa nguyise,
kodwa isedeleli asilaleli lapho sikhuzwa.
2 Umuntu uyakudla okuhle
okuvela emazwini akhe amahle,
kepha abambuluzayo balambele ubudlova.
3 Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe;
uphoshozwayo uyobhubha.
4 Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho,
kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.
5Olungileyo uyawazonda amazwi angamanga,
kodwa isikhohlakali sidala amahloni nehlazo.
6 Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iqotho,
kodwa inkohlakalo iyasibhubhisa isoni.
7 Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho,
nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.
8Inhlawulo yokuphila komuntu yingcebo yakhe,
kepha ompofu akalaleli ekhuzwa.
9 Ukukhanya kwabalungileyo kukhanya bha,
kepha izibani zezikhohlakali ziyacima.
10Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa,
kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa
kukhona ukuhlakanipha.
11 Ingcebo etholakala kalula iyancipha,
kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.
12 Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo;
isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.
13 Owedelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,
kepha owesaba imiyalelo uyakuvuzwa.
14 Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,
ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.
15 Ukuqonda kahle kuveza umusa,
kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.
16 Bonke abahlakaniphileyo basebenza ngokwazi,
kepha isiwula sisabalalisa ubuwula.
17 Isithunywa esikhohlakele siwela ebubini,
kepha isigijimi esithembekileyo siletha ukuphila.
18 Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa,
kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa.
19Isifiso esifezekile siyathokozisa emphefumulweni,
kepha ukudeda ebubini
kuyisinengiso kwabayiziwula.
20 Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha ongumngani weziwula uyolimala.
21 Ingozi ilandela izoni,
kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.
22 Olungileyo ushiyela abantwana
babantwana bakhe ifa,
kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.
23Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi,
kepha kuyashabalala ngenxa yokungalungi.
24 Oyeka uswazi uyayizonda indodana yakhe,
kodwa oyithandayo uyanakekela ukuba ayiyale.
25 Olungileyo udla asuthe eneliswe,
kepha isisu sezikhohlakali
seswele esingasuthiswa ngakho.

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume