Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini; emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi: “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na? Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami. Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo; kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami; nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo, lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi. “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova, bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami. Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo. Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa. Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”
Funda IzAga 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzAga 1:20-33
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo