KwabaseFilipi 4:11-14

KwabaseFilipi 4:11-14 ZUL59

Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.