KwabaseFilipi 4:11-14
KwabaseFilipi 4:11-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso. Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami.
KwabaseFilipi 4:11-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Akusikho ukuthi ngikusho lokhu ngokuba ngeswele, kodwa mina ngifundile ukweneliswa noma ezimeni ezinjani. Ngiyakwazi ukuntula, ngiyakwazi futhi nokubusa. Kukho konke nasezintweni zonke, ngiyifundisiwe imfihlakalo: ukusutha, ukulamba, ukubusa nokuntula. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.
KwabaseFilipi 4:11-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.
KwabaseFilipi 4:11-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)