UNumeri 26

26
Ukubalwa okusha kwezizwe zakwa-Israyeli
1Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi: 2 “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.” 3OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi: 4“Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”
5URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:
kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;
kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
6kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;
kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
7Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
8Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe. 9 Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova; 10umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso. 11Kepha amadodana kaKora awafanga.
12Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:
kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;
kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;
kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
13kwaZera: ngumndeni wakwaZera;
kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.
14Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
15Amadodana kaGadi ngemindeni yawo:
kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni;
kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi;
kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
16kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini;
kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;
17kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi;
kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.
18Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
19 Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. 20Amadodana kaJuda ngemindeni yawo:
kwaShela: ngumndeni wakwaShela;
kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi;
kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
21Amadodana kaPheresi:
kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;
kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.
22Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.
23Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo:
kwaThola: ngumndeni wakwaThola;
kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;
24kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi;
kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.
25Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.
26Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo:
kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi;
kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni;
kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.
27Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.
28Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.
29 Amadodana kaManase:
kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi;
kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
30Lawa angamadodana kaGileyadi:
kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri;
kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
31kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli;
kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
32kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida;
kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
33 USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
34Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.
35Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo:
kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela;
kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri;
kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
36Lawa angamadodana kaShuthela:
kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.
37Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
38Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo:
kwaBela: ngumndeni wakwaBela;
kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli;
kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
39kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu;
kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
40Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani;
kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida;
kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.
41Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
42Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo:
kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo. 43Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.
44Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo:
kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna;
kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi;
kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
45Kumadodana kaBeriya:
kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere;
kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
46Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.
47Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
48Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:
kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;
kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
49kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;
kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
50Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
51 Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
52UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 53“Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama. 54 Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye. 55Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise. 56Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”
57 Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:
kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;
kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;
kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
58Nansi imindeni yamaLevi:
ngumndeni wakwaLibini,
nomndeni wakwaHebroni,
nomndeni wakwaMaheli,
nomndeni wakwaMushi,
nomndeni wakwaKora.
UKohati wazala u-Amramu. 59 Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo. 60U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 61 ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
62Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
63Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. 64 Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi. 65 Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

Okuqokiwe okwamanje:

UNumeri 26: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo