UNumeri 25

25
Isono sabakwa-Israyeli namadodakazi akwaMowabi
1U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi, 2ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo. 3 U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.
4UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”
5 UMose wathi kubo abahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori.”
6Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana. 7 Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe, 8wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli. 9 Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
10UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: 11“UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami. 12Ngalokho yisho ukuthi: ‘Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula; 13siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”
14Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni. 15 Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.
16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17 “Khathaza abakwaMidiyani, ubashaye, 18ngokuba bayanikhathaza nina ngamacebo abanikhohlise ngawo endabeni kaPeyori nangendaba kaKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani, udadewabo, owabulawa ngosuku lwesifo ngendaba kaPeyori.”

Okuqokiwe okwamanje:

UNumeri 25: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume