NgokukaMarku 8:22-38

NgokukaMarku 8:22-38 ZUL59

Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe. Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?” Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.” Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke. Wayithumela ekhaya layo, wathi: “Ungangeni emzini wabantu.” UJesu wayesephuma kanye nabafundi bakhe, waya emizini yaseKesariya Filipi. Besendleleni, wababuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani na?” Bamtshela bathi: “UJohane uMbhapathizi;” abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngomunye wabaprofethi.” Wayesebabuza ethi: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula, wathi kuye: “Wena unguKristu.” Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye. Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu. Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza. Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: “Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.” Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na? Yingabe angakhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 8:22-38

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo