NgokukaMarku 7:1-23

NgokukaMarku 7:1-23 ZUL59

Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema. Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe – ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala; nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi – abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?” Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.” Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’ kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’ anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.” Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde. Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.” Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”

Video for NgokukaMarku 7:1-23

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 7:1-23