NgokukaMarku 7:1-23
NgokukaMarku 7:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema. Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe – ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala; nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi – abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?” Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.” Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’ kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’ anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.” Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde. Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.” Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
NgokukaMarku 7:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwasekubuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali ababevela eJerusalema. Sebebona abanye babafundi bakhe bedla isinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingagezwanga, basola. Ngoba abaFarisi lamaJuda wonke kabadli ngaphandle kokuthi bageze izandla kanengi, bebambe isiko labadala. Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula. AbaFarisi nababhali basebembuza bathi: Kungani abafundi bakho bengahambi ngesiko labadala, kodwa badla isinkwa ngezandla ezingagezwanga? Wasephendula wathi kubo: UIsaya waprofetha kuhle ngani bazenzisi, njengokulotshiweyo ukuthi: Lababantu bangidumisa ngezindebe zabo, kodwa inhliziyo yabo ikude lami. Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu. Ngokuba nidela umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu, njengokugezisa amakhanzi nezindebe, nezinye eziningi ezinjalo niyazenza. Wathi kubo: “Niyakulahla umyalo kaNkulunkulu, ukuze nigcine isiko lenu. Ngokuba uMose wathi: “Yazisa uyihlo nonyoko; nokuthi: “Othuka uyise noma unina makafe nokufa; Kepha nina nithi: “Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: ‘YiKorbana, okungukuthi isipho,’ noma yini ebengingabasiza ngayo; uzakuba ngokhululekileyo. Anisayikumvumela ukuba enzele uyise noma unina utho; Nenza izwi likaNkulunkulu libe yize ngesiko lenu enilivezileyo, neziningi ezinjalo niyazenza. Wasebabizela kuye bonke abantu, wathi kubo: Ngizweni lonke, lizwisise; Akukho lutho olungaphandle komuntu olungena kuye olungamngcolisa; Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe. Kwathi esengene endlini evela exukwini, abafundi bakhe bambuza ngomfanekiso. Wathi kubo: Kanjalo nani aniqondi na? Anazi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu akunakumngcolisa; Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele obala, ehlambulula konke ukudla na? Wasesithi: Okuphumayo kumuntu yikho okungcolisayo umuntu. Ngokuba ngaphakathi, enhliziyweni yomuntu kuphuma imicabango emibi, ukuphinga, ubufebe, ukubulala, ubusela, ukufisa, ububi, inkohliso, ukuxhwala, ilihlo elibi, inhlamba, ukuzigqaja, ubuthutha; Zonke lezi zinto ezimbi ziphuma ngaphakathi, zimngcolise umuntu.
NgokukaMarku 7:1-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMarku 7:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwabuthana kuJesu abaFarisi nezazimthetho, bevela eJerusalema. Babona abanye babafundi bakhe bedla izinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingageziwe. Ngokuba abaFarisi nabaJuda bonke abadli bengazigezanga izandla, belandela isiko lokhokho; nalapho bebuya endalini kabadli bengazihlambile izandla. Kukhona nokunye okuningi abakwemukelayo futhi ababambelele kukho; njengokugeza izinkomishi, izinkamba, nezitsha zethusi. AbaFarisi nezazimthetho bambuza bathi: “Kungani abafundi bakho bengaqhubi ngokwenkambiso yabadala na?” UJesu wayesethi kubo: “U-Izaya waphrofetha kahle ngani, nina bazenzisi, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kodwa inhliziyo yaso ikude nami; bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambelele esikweni labantu.” Wayesethi kubo: “Yebo, nilahla umyalo kaNkulunkulu ukuze nigcine isiko lenu. Ngokuba uMose wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Noma ngubani othuka uyise noma unina, makafe nokufa.’ Kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: Lokhu kungumnikelo engethembise ukuwunikela kuNkulunkulu, esho isipho abebengasizakala ngaso,’ lowo muntu anisamvumeli ukuba asize uyise noma unina. Nilenza ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu enalamukelayo, nokunye okuningi okunjalo enikwenzayo.” UJesu wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngilaleleni, nina nonke, niqonde. Akukho lutho olungaphandle komuntu olungangena kuye lumngcolise, kuphela lokho okuphuma kuye, yikho okumngcolisayo. Onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Kuthe esengene endlini, esuka esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalo mzekeliso. Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kuya esiswini, kuphumele ngaphandle.” Ngokusho kanjalo wayechaza ukuthi konke ukudla kuhlanzekile. Wayesethi: “Kepha okuphuma kumuntu, yikho okumngcolisayo. Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu kuvela imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula. Zonke lezi zinto ezimbi zivela ngaphakathi, futhi ziyamngcolisa umuntu.”