Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.” Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?” Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu. Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”
Funda NgokukaMarku 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 3:31-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo