NgokukaMarku 2:16-22

NgokukaMarku 2:16-22 ZUL59

Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.” Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”

Video for NgokukaMarku 2:16-22

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 2:16-22