NgokukaMarku 16:1-8

NgokukaMarku 16:1-8 ZUL59

Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga. Bakhuluma bodwa, bathi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?” Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu. Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka. Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona. Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini.” Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 16:1-8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo