NgokukaMarku 16:1-8
NgokukaMarku 16:1-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. Ekuseni kakhulu ngolokuqala lweviki bafika ethuneni seliphumile ilanga. Basebekhulumisana besithi: Ngubani ozakusigingqela ilitshe lisuke emnyango wengcwaba? Sebebheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu. Sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; besaba. Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona. Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; Base bephuma masinyane, babaleka ethuneni; ngokuba babethuthumela, bamangala; ngoba babesaba.
NgokukaMarku 16:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo. Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki, bafika ethuneni ekuphumeni kwelanga. Bakhuluma bodwa, bethi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?” Kwathi lapho bebheka, babona ukuthi itshe ligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu. Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe; bethuka. Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona. Kepha hambani nibikele abafundi bakhe noPhethro ukuthi uzakunandulela ukuya eGalile. Kulapho-ke nizakumbona khona, njengalokhu ayenitshelile.” Baphuma, babaleka ethuneni, ngokuba behlelwa ngukuthuthumela nokumangala, kabatshelanga muntu ngalokho, ngokuba babesaba.
NgokukaMarku 16:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga. Bakhuluma bodwa, bathi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?” Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu. Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka. Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona. Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini.” Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba.
NgokukaMarku 16:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)