Marku 16

16
Marku 16
1Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
2Ekuseni kakhulu ngolokuqala lweviki bafika ethuneni seliphumile ilanga.
3Basebekhulumisana besithi: Ngubani ozakusigingqela ilitshe lisuke emnyango wengcwaba?
4Sebebheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu.
5Sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; besaba.
6Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona.
7Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile;
8Base bephuma masinyane, babaleka ethuneni; ngokuba babethuthumela, bamangala; ngoba babesaba.
9Kwathi uJesu esevukile ekuseni ngolokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena, ayekhuphe kuye amadimoni ayisikhombisa.
10Waya wabikela ababe naye, belila bekhala.
11Kodwa bona sebezwile ukuthi uyaphila lokuthi ubonwe nguye, kabakholwanga.
12Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni.
13Nabo bahamba babikela abanye;
14Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe.
15Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
16Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.
17Lalezizibonakaliso zizakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayokhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha;
18Bayakuphatha izinyoka; futhi uma bephuza okubulalayo, akusoze kwabalimaza; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, futhi bayakusinda.
19Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
20Base bephuma, bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

Marku 16: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo