NgokukaMarku 14:53-72

NgokukaMarku 14:53-72 ZUL59

Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ” Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?” Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na? Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?” Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula. UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu, yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.” Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude. Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: “Lona ungomunye wabo.” Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.” Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye.” Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;” wakhala nokukhala izinyembezi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 14:53-72

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo