NgokukaMarku 14:53-72

NgokukaMarku 14:53-72 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Basebemusa uJesu kumphristi omkhulu, kwasekubuthana kuye bonke abapristi abakhulu labadala lababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuze bambulale; kabatholanga lutho. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasekusukuma abathile bafakaza amanga ngaye, besithi. Thina samuzwa ethi: Mina ngizadiliza lelithempeli elenziwe ngezandla, njalo ngensuku ezintathu ngizakwakha elinye elingenziwe ngezandla. Kodwa ngokunjalo ubufakazi babo abuvumelananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa wathula, kaphendulanga lutho. Umpristi omkhulu waphinda wambuza, wathi kuye: Wena unguKristu, iNdodana yoBongekayo na? UJesu wathi: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabafunelani ofakazi na? Nizwile ukuhlambalaza; nithini na? Base bemlahla bonke ngokuthi unecala lokufa. Abanye baqala ukumkhafulela amathe, nokumboza ubuso bakhe, nokumshaya, nokuthi kuye: “Profetha!” Izinceku zamshaya. Kwathi uPetro esegcekeni ngaphansi, kwafika enye yezincekukazi zomphristi omkhulu. Yabona uPetru esotha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha. Kepha waphika wathi: “Angikwazi, futhi angikuqondi okushoyo. Waphumela emnyango; lakhala iqhude. Incekukazi yaphinda yambona, yaqala ukuthi kwababemi khona: Lo ungomunye wabo. Waphinda waphika. Kwathi emva kwesikhatshana futhi ababemi khona bathi kuPetro: Isibili ungomunye wabo, ngoba ungowaseGalili, lokukhuluma kwakho kuvumelana lakho. Kodwa waqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu enikhuluma ngaye. Lakhala ngokwesibili iqhude. UPetru wakhumbula izwi uJesu alisho kuye lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu. Esecabanga, wakhala.

NgokukaMarku 14:53-72 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Base bemhola uJesu, bamyisa kumphristi omkhulu, kwabuthana bonke abaphristi abakhulu, amalunga nezazimthetho. UPhethro wamlandela ebuqamama, waze wangena egcekeni lomphristi omkhulu. UPhethro wahlala nezikhonzi, otha umlilo. Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuze bambulale, kodwa ababutholanga. Abaningi bafakaza amanga ngaye, kodwa ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, kuthi emva kwezinsuku ezintathu, ngakhe elinye elingenziwanga ngezandla.’ ” Nakuba sekunjalo, ubufakazi babo abuzange buhlangane. Kwasukuma umphristi omkhulu phakathi kwabo, wabuza uJesu, wathi: “Awuphenduli ngalutho kulobu bufakazi abakumangalela ngabo na? Kuyikho yini lokhu abakufakaza ngawe?” Kepha wathula, akazange aphendule ngalutho. Umphristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “Ngabe Wena unguKhristu, iNdodana yoBongekayo na?” UJesu wathi: “Nginguye. Niyakuyibona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabadingelani ofakazi na? Senizizwele ehlambalaza; pho nithini?” Bonke bamlahla ngecala, bethi ufanelwe ngukufa. Abanye baqala ukumkhafulela ngamathe, nokumgubuzela ubuso nokumshaya, bethi kuye: “Phrofetha.” Nezikhonzi zamthatha, zammukula. Kwathi uPhethro esesegcekeni ezansi, kwafika enye yamantombazane omphristi omkhulu, yathi ukumbona uPhethro otha umlilo, yambhekisisa, yayisithi kuye: “Nawe, ubunoJesu waseNazaretha.” Kepha waphika, wathi: “Angikwazi, futhi angikuqondi lokhu okushoyo;” waphumela phandle enkundleni; laselikhala iqhude. Intombazane imbona, yabuye yathi futhi kulabo ababemi lapho: “Lo ungomunye wabo.” Kepha uPhethro wabuye waphika. Emva kwesikhashana futhi labo ababemi lapho bathi kuPhethro: “Impela wena ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.” UPhethro wayeseqala ukwethuka, futhi wafunga ethi: “Angimazi lo muntu enikhuluma ngaye.” Masinyane laselikhala iqhude okwesibili. UPhethro wayeselikhumbula izwi alisho uJesu kuye, ethi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu.” Waqhumuka wakhala.

NgokukaMarku 14:53-72 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ” Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?” Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na? Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?” Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula. UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu, yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.” Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude. Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: “Lona ungomunye wabo.” Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.” Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye.” Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;” wakhala nokukhala izinyembezi.

NgokukaMarku 14:53-72 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)