Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ” Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?” Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na? Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?” Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.
Funda NgokukaMarku 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 14:53-65
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo