NgokukaMarku 14:53-65
NgokukaMarku 14:53-65 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ” Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?” Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na? Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?” Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.
NgokukaMarku 14:53-65 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Basebemusa uJesu kumphristi omkhulu, kwasekubuthana kuye bonke abapristi abakhulu labadala lababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuze bambulale; kabatholanga lutho. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasekusukuma abathile bafakaza amanga ngaye, besithi. Thina samuzwa ethi: Mina ngizadiliza lelithempeli elenziwe ngezandla, njalo ngensuku ezintathu ngizakwakha elinye elingenziwe ngezandla. Kodwa ngokunjalo ubufakazi babo abuvumelananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa wathula, kaphendulanga lutho. Umpristi omkhulu waphinda wambuza, wathi kuye: Wena unguKristu, iNdodana yoBongekayo na? UJesu wathi: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabafunelani ofakazi na? Nizwile ukuhlambalaza; nithini na? Base bemlahla bonke ngokuthi unecala lokufa. Abanye baqala ukumkhafulela amathe, nokumboza ubuso bakhe, nokumshaya, nokuthi kuye: “Profetha!” Izinceku zamshaya.
NgokukaMarku 14:53-65 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Base bemhola uJesu, bamyisa kumphristi omkhulu, kwabuthana bonke abaphristi abakhulu, amalunga nezazimthetho. UPhethro wamlandela ebuqamama, waze wangena egcekeni lomphristi omkhulu. UPhethro wahlala nezikhonzi, otha umlilo. Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuze bambulale, kodwa ababutholanga. Abaningi bafakaza amanga ngaye, kodwa ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, kuthi emva kwezinsuku ezintathu, ngakhe elinye elingenziwanga ngezandla.’ ” Nakuba sekunjalo, ubufakazi babo abuzange buhlangane. Kwasukuma umphristi omkhulu phakathi kwabo, wabuza uJesu, wathi: “Awuphenduli ngalutho kulobu bufakazi abakumangalela ngabo na? Kuyikho yini lokhu abakufakaza ngawe?” Kepha wathula, akazange aphendule ngalutho. Umphristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “Ngabe Wena unguKhristu, iNdodana yoBongekayo na?” UJesu wathi: “Nginguye. Niyakuyibona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabadingelani ofakazi na? Senizizwele ehlambalaza; pho nithini?” Bonke bamlahla ngecala, bethi ufanelwe ngukufa. Abanye baqala ukumkhafulela ngamathe, nokumgubuzela ubuso nokumshaya, bethi kuye: “Phrofetha.” Nezikhonzi zamthatha, zammukula.
NgokukaMarku 14:53-65 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)