Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.” Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga. Base bembeka izandla, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.” Bamshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.
Funda NgokukaMarku 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 14:43-52
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo