UJuda Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, wayeseya kubapristi abakhulu ukuba amkhaphele kubo. Sebezwile bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wayesefuna ithuba lokumkhaphela. Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?” Wayesethuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzini; khona nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni. Lapho engena khona, anothi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi: Iphi indlu yami, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo, lilungisiwe; silungiseleni khona.” Bahamba abafundi bafika emzini, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika. Kusihlwa wafika nabayishumi nambili. Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela.” Baqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye: “Kungaba yimi na?” Wathi kubo: “Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”
Funda NgokukaMarku 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 14:10-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo