Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.” UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka. Esemyalisisile washesha wammukisa, wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.
Funda NgokukaMarku 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 1:40-45
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo