NgokukaMathewu 8:29-34

NgokukaMathewu 8:29-34 ZUL59

Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?” Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile. Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.” Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini. Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.