NgokukaMathewu 8:18-22

NgokukaMathewu 8:18-22 ZUL59

Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”