NgokukaMathewu 8:18-22
NgokukaMathewu 8:18-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu ebona isixuku simzungezile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. Esinye isazimthetho seza kuye, sathi: “Mfundisi, ngizakukulandela, nomaphi lapho uya khona.” UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Kepha omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngihambe ngiyombela ubaba kuqala.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele, yekela abafileyo bambele abafileyo babo.”
NgokukaMathewu 8:18-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi uJesu ebona izixuku ezinkulu zimphahlile, walaya ukuthi baye phesheya. Kwasekusiza umbhali othile wathi kuye: Mfundisi, ngizakulandela loba ngaphi lapho oya khona. UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. Omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, ngivumele ngiqale ngiyengcwaba ubaba. Kodwa uJesu wathi kuye: Ngilandele; futhi abafileyo bayekele abafileyo babo.
NgokukaMathewu 8:18-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJesu ebona izixuku ezinkulu zimphahlile, walaya ukuthi baye phesheya. Kwasekusiza umbhali othile wathi kuye: Mfundisi, ngizakulandela loba ngaphi lapho oya khona. UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. Omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, ngivumele ngiqale ngiyengcwaba ubaba. Kodwa uJesu wathi kuye: Ngilandele; futhi abafileyo bayekele abafileyo babo.
NgokukaMathewu 8:18-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”