NgokukaMathewu 7:24-29

NgokukaMathewu 7:24-29 ZUL59

“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala. Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!” Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.