NgokukaMathewu 7:24-29
NgokukaMathewu 7:24-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala; Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; kepha kayiwa, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala. Njalo yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi; Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; yawa: kwaba kukhulu ukuwa kwayo. Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe. Ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali.
NgokukaMathewu 7:24-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya, zayishaya leyo ndlu, kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe edwaleni. Kodwa yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo esihlabathini. Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!” Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma la mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wayebafundisa njengonegunya, kungenjengezazimthetho zabo.
NgokukaMathewu 7:24-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala. Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!” Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.
NgokukaMathewu 7:24-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)