NgokukaMathewu 6:8-13

NgokukaMathewu 6:8-13 ZUL59

Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo