Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
Funda NgokukaMathewu 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 3:7-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo