Kepha uJesu wayemi phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.” Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho. Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.
Funda NgokukaMathewu 27
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 27:11-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo