NgokukaMathewu 16:13-28

NgokukaMathewu 16:13-28 ZUL59

UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?” Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.” Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini. Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula. Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.” Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu. UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, wathi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.” Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.” Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe. Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 16:13-28