NgokukaMathewu 16:13-28

NgokukaMathewu 16:13-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani? Basebesithi: Abanye bathi unguJohane uMbhabhathizi; labanye bathi nguJeremiya kumbe omunye wabaprofethi. Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na? USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo. UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini. Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe. Ngizakunika izihluthulelo zombuso wezulu, njalo loba yini ozayibopha emhlabeni izakuba kubotshiwe ezulwini, njalo loba yini ozayikhulula emhlabeni izakuba yinto ethukululiwe ezulwini. Wasebalaya abafundi bakhe ukuthi bangatsheli muntu ukuthi yena unguJesu uKristu. Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu. UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, ethi: “Makube kude nawe, Nkosi; Kodwa yena waphenduka wathi kuPetro: Suka emva kwami, Sathane; Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe. Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

NgokukaMathewu 16:13-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu esefikile esifundeni saseKhesariya Filiphi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani na?” Bathi: “Abanye bathi inguJohane, uMbhabhadisi; abanye bathi ingu-Eliya; abanye bathi inguJeremiya noma ingomunye wabaphrofethi.” Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” USimoni Phethro waphendula wathi: “Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini. Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula. Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni, kuyakube kuboshiwe nasezulwini; nalokho oyakukukhulula emhlabeni kuyakube kukhululiwe nasezulwini.” Wayesebayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi unguKhristu. Kusukela lapho, uJesu waqala ukubachazela abafundi bakhe ukuthi kufanele aye eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga, nabaphristi abakhulu nezazimthetho, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu. UPhethro wagudluka naye, wayeseqala ukumkhuza, ethi: “Phinde, Nkosi, lokho akusoze kwenzeke kuwe.” Kepha uJesu waphenduka wathi kuPhethro: “Buyela emuva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awukuqondi okukaNkulunkulu, kepha okwabantu.” UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na? Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe. Ngiqinisile ngithi kini: bakhona abanye kwabemi lapha, abangayukukuzwa ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza nombuso wayo.”

NgokukaMathewu 16:13-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?” Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.” Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini. Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula. Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.” Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu. UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, wathi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.” Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.” Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe. Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

NgokukaMathewu 16:13-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)