UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni. Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”
Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.” Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.” Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.”
Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.” Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.
Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona. Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.
UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.”
Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?”
Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?”
Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”
Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele. Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana. Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.