NgokukaMathewu 15:21-39

NgokukaMathewu 15:21-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wamuka lapho uJesu, waya emikhawulweni yaseTire naseSidoni. Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni. Kodwa akamphendulanga ngazwi. Abafundi bakhe beza bamncenga bathi: Mmukise; ngokuba uyakhala emva kwethu. Kodwa waphendula wathi: Kangithunywanga kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli. Wasesiza wakhuleka kuye, wathi: Nkosi, ngisize. Kepha waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, siphonse ezinjaneni. Wathi: “Yebo, Nkosi, nokho nezinjana ziyadla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo. UJesu waphendula wathi kuye: O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; Indodakazi yakhe yasinda kusukela ngaleso sikhathi. Wamuka lapho uJesu, weza ngaselwandle lwaseGalile; wenyukela entabeni, wahlala phansi khona. Kwasekusiza kuye izixuku ezinkulu zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zikaJesu; wabaphulukisa; baze bamangala izixuku zibona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona, bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli. UJesu wayesebizela kuye abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu behlezi nami, bengenalutho lokudla; Abafundi bakhe bathi kuye: “Singazitholaphi izinkwa ezingaka ehlane ukuba sisuthise isixuku esingaka na? UJesu wathi kubo: Zingaki izinkwa eninazo? Basebesithi: Eziyisikhombisa, lezinhlanzana ezimbalwa. Waselaya amaxuku ukuthi ahlale phansi emhlabathini. Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele. Abadlayo babe ngamadoda ayizinkulungwane ezine ngaphandle kwabesifazane nabantwana. Wayesezimukisa izixuku, wangena emkhunjini, waya emikhawulweni yaseMagdala.

NgokukaMathewu 15:21-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu esephumile lapho, wahamba, waya ezifundeni eThire naseSidoni. Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.” Kepha akamphendulanga ngazwi. Kwase kusondela kuye abafundi bakhe, bamncenga bathi: “Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.” Kepha uJesu waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.” Owesifazane weza, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi ngisize.” UJesu waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjeni.” Owesifazane wathi: “Yebo, Nkosi, kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.” Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “Awu mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makwenzeke kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda ngaleso sikhathi. UJesu wasuka lapho, waya ngasolwandle iGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi lapho. Isixuku esikhulu seza kuye silethe izinyonga, izimpumputhe, izimungulu, izilima, nabanye abaningi. Bababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa. Isixuku saze samangala sibona izimungulu zikhuluma, abakhubazekile besinda, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona. Base bemdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli. UJesu wababiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihleli nami, singenakho esingakudla. Angithandi ukubamukisa belambile, funa baphelelwe ngamandla endleleni.” Abafundi bathi kuye: “Pho singazitholaphi lapha ehlane izinkwa eziningi ezingenela isixuku esingaka na?” UJesu wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana ezimbalwa.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi, wathatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, bona baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, yagcwala iziqabetho eziyisikhombisa. Abadlayo kwakungamadoda ayizi-4 000, ngaphandle kwabesifazane nezingane. Esezihlakazile izixuku, wangena esikebheni, waya eMagadana.

NgokukaMathewu 15:21-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni. Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.” Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.” Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.” Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.” Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.” Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.” Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi. Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona. Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli. UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.” Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?” Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele. Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana. Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.

NgokukaMathewu 15:21-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)