NgokukaMathewu 11:7-11

NgokukaMathewu 11:7-11 ZUL59

Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi. Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’ “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

Video for NgokukaMathewu 11:7-11