NgokukaMathewu 11:7-11
NgokukaMathewu 11:7-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Sebemuka, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma ukuyobonani ehlane na? Umhlanga unyakaziswa ngumoya na? Kodwa laphumela ukuyabonani? Umuntu owembethe ingubo ethambileyo na? bhekani, abembethe ezintofontofo basezindlini zamakhosi. Kodwa laphumela ukuyabonani? Umprofethi? yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. Ngoba lo nguye okulotshwe ngaye ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho. Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.
NgokukaMathewu 11:7-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi labo bafundi sebehamba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane niyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinofonofo na? Phela abembethe ezinofonofo basezindlini zamakhosi. Kanti naphumelani na? Ukuyobona umphrofethi na? Yebo, ngithi kini: owedlula umphrofethi. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Ngiyakuthuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esiyakulungisa indlela yakho, phambi kwakho.’ “Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye.
NgokukaMathewu 11:7-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi. Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’ “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.
NgokukaMathewu 11:7-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)