NgokukaLuka 9:37-45

NgokukaLuka 9:37-45 ZUL59

Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza. Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi. Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile. Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.” UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.” Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise. Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe: “Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.” Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.