NgokukaLuka 8:40-56

NgokukaLuka 8:40-56 ZUL59

Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge,* yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu, weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Bephika bonke, wathi uPetru nababe naye: “Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.” Kepha uJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.” Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.” Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge,* wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.” Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina. Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla. Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.